NgokukaLuka 8:40-56

NgokukaLuka 8:40-56 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi ekubuyeni kukaJesu, isixuku samamukela ngokuthokoza, ngokuba bonke babemlindele. Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. Ngoba wayelendodakazi eyodwa, eyayileminyaka elitshumi lambili, yona isigulela ukufa. Kepha ekuhambeni kwakhe abantu bamminyezela. Owesifazana owayelomopho iminyaka elitshumi lambili, esechithe konke abephila ngakho ezinyangeni, engelakwelatshwa lamunye. Weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukopha kwakhe. UJesu wasesithi: Ngubani ongithintileyo? Kwathi bonke bephika, uPetro lababelaye bathi: Nkosi, ixuku likucindezele, likucindezele, uthi: Ngubani ongithintileyo? UJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba mina ngibonile ukuthi amandla aphumile kimi. Owesifazane ebona ukuthi akacashile, weza ethuthumela, wawa phansi phambi kwakhe, walandisa phambi kwabantu bonke ukuthi ubemthintile ngani, nokuthi usinde kanjani masinyane. Wathi kuye: “Yima isibindi, ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula. Esakhuluma, kwafika omunye evela kwamphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ningamkhathazi uMfundisi. Kepha uJesu ekuzwa, wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela, khona uzakusindiswa. Esengenile endlini, kavumelanga muntu ukuthi angene, ngaphandle kukaPetro, loJakobe, loJohane, loyise wentombazana, lonina. Bakhala bonke, beyililela, kepha wathi: “Ningakhali; kafile, kodwa ulele. Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. Wayesebakhiphela phandle bonke, wayibamba ngesandla, wabiza, wathi: “Ntombazana, vuka! Wabuya umoya wayo, yavuka masinyane; Abazali bayo bamangala, kepha wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

NgokukaLuka 8:40-56 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ekubuyeni kwakhe uJesu, isixuku samemukela ngokuba sasimlindele ngabomvu. Kwase kufika indoda okuthiwa nguJayiru. Le ndoda eyayingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo, ngokuba yayinendodakazi eyodwa vo, eneminyaka eli-12, eyayigulela ukufa. UJesu esaya lapho isixuku samminyanisa. Owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, owayesezame kwabaningi efuna ukuphulukiswa kodwa akaze akuthola. Wasondela ngasemuva, wathinta umphetho wengubo kaJesu, umopho wathi nqamu, khona manjalo. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Lapho bonke bephika, uPhethro wathi: “Nkosi, izixuku zikuhaqile futhi ziyadudulana ukuba zisondele kuwe.” Kepha uJesu waqhubeka wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile amandla ephuma kimi.” Owesifazane ebona ukuthi ngeke esazifihla, weza ethuthumela, waziphonsa phambi kukaJesu, walanda phambi kwabo bonke abantu ukuthi nguye othinte ingubo kaJesu, nokuthi uphulukiswe kanjani khona manjalo. UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba ngokuthula.” Esakhuluma uJesu, kwafika othile evela emzini womphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.” UJesu emuzwa lowo, waphendula wathi kuye: “Ungesabi; kholwa kuphela; indodakazi izakusinda.” Sebefikile endlini yomphathi wesinagoge, akavumelanga muntu ukuba angene endlini naye, kuphela uPhethro, uJohane, uJakobe uyise nonina bentombazane. Bonke babekhala, belila, kodwa wathi kubo: “Ningakhali, ayifile; ilele.” Bamhleka usulu ngoba bazi ukuthi ife ngempela. Kepha Yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” Khona manjalo umoya wayo wabuyela kuyo, yavuka ngokushesha; wabayala ukuba bayinike ukudla. Abazali bayo bamangala. UJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngalokho okwenzekileyo.

NgokukaLuka 8:40-56 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile. Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge,* yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu, weza ngasemuva, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Bephika bonke, wathi uPetru nababe naye: “Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.” Kepha uJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.” Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.” Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge,* wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.” Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.” Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina. Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla. Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

NgokukaLuka 8:40-56 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)