NgokukaLuka 5:1-3

NgokukaLuka 5:1-3 ZUL59

Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha, wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha. Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.