NgokukaLuka 5:1-3
NgokukaLuka 5:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha, wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha. Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.
NgokukaLuka 5:1-3 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi isixuku simcindezela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha. Wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle, kepha abadobi babephumile kuyo, begeza amanetha abo. Wasengena komunye wemikhumbi, owawungokaSimoni, wamcela ukuthi awususe kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wafundisa abantu esemkhunjini.
NgokukaLuka 5:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi uJesu emi ngasolwandle iGenezaretha, isixuku samngunga ukuze sizwe izwi likaNkulunkulu. Wabona izikebhe ezimbili zimi ngasolwandle, abadobi babengekho kuzo, besahlanza amanetha. Wangena kwesinye sezikebhe okwakungesikaSimoni, wamcela ukuba athi ukuqhela kancane emhlabathini. UJesu wahlala phansi, wasifundisa isixuku esesikebheni.
NgokukaLuka 5:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)