NgokukaLuka 19:5-10

NgokukaLuka 19:5-10 ZUL59

Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.” Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza. Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.” Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.” UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 19:5-10