NgokukaLuka 19:5-10
NgokukaLuka 19:5-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu esefikile kuleyo ndawo, wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla kufanele ngingenise endlini yakho.” UZakewu washesha wehla, wamemukela ngokuthokoza. Kuthe lapho bekubona lokho, bakhononda bonke, bathi: “UJesu ungenise endlini yendoda eyisoni.” Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.” UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye uyindodana ka-Abhrahama. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzofuna nokusindisa okulahlekileyo.”
NgokukaLuka 19:5-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.” Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza. Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.” Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.” UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”
NgokukaLuka 19:5-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJesu efika kuleyo ndawo, wabheka phezulu, wayibona, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle; ngoba lamuhla ngimele ukuhlala endlini yakho. Waseshesha wehla, wamamukela ngokuthokoza. Sebekubonile bonke bakhonona, besithi: Ungene ukuvakatshela indoda eyisoni. UZakewu wema wathi eNkosini; Bheka, Nkosi, inxenye yempahla yami ngiyipha abampofu; futhi uma ngithathe utho kumuntu ngamanga, ngimbuyisela ngokuphindwe kane. UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso isifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa obekulahlekile.
NgokukaLuka 19:5-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)