NgokukaLuka 14:16-21

NgokukaLuka 14:16-21 ZUL59

Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi. Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’ “Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’ “Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’ “Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’ “Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 14:16-21