NgokukaLuka 14:16-21
NgokukaLuka 14:16-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wasesithi kuye: Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abanengi; Wathuma inceku yakhe ngesikhathi sokudla ukuba ithi kwabamenyiweyo: Wozani; ngoba konke sekulungile. Basebeqala ukuzilandulela bonke nganhliziyonye. Owokuqala wathi kuye: Ngithenge isiqephu sensimu, ngimelwe ukuyosibona; “Omunye wathi: ‘Ngithenge izinkabi ezingaba yisihlanu, ngisaya ukuzivivinya; ngicela ungixolele. Lomunye wathi: Ngithethe umfazi, ngakho ngingeze. Yafika leyo nceku, yabikela inkosi yayo lokho. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: Phuma masinyane, uye emigwaqweni nasemigwaqweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezinyonga, nezimpumputhe.
NgokukaLuka 14:16-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 14:16-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha uJesu wathi kuye: “Umuntu othile wenza isiphihli sedili, wamema abaningi, wayesethumela inceku yakhe ngesikhathi sedili, kulabo abamenyiwe, ukuyokuthi: ‘Wozani, ngokuba sekulungisiwe konke.’ “Kepha bonke ngothi lwabo, baqala ukuzilandulela, bebeka izaba; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithenge insimu, kudingekile ukuba ngihambe ngiyoyibona; ngiyakucela, ngixolisele impela.’ “Omunye wathi: ‘Ngithenge amabhanqa ezinkabi eziyisihlanu, ngisayozihlola; ngiyakucela, ngixolisele impela.’ “Omunye wathi: ‘Ngisanda kuthatha umfazi, ngalokho-ke angiphumeleli ukuza.’ “Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’
NgokukaLuka 14:16-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi. Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’ “Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’ “Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’ “Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’ “Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’