“Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya. Isibani somzimba siyiso lakho; nxa iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama. Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama. Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso.”
Esakhuluma, umFarisi wammema ukuba adle naye; wangena, wahlala ekudleni. UmFarisi wamangala ebona ukuthi kaqalanga ngokuhlamba engakadli.
Yayisithi iNkosi kuye: “Manje-ke nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi. Ziwula, yena owalenza ingaphandle akalenzanga nengaphakathi na? Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.
“Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.
“Maye kinina baFarisi, ngokuba nithanda izihlalo eziphambili emasinagogeni* nokubingelelwa ezigcawini zokuthengelana!
“Maye kinina, ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo, nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi!”
Wayesephendula omunye wezazimthetho, wathi kuye: “Mfundisi, ngokusho lokho uyasijivaza nathi.”
Kepha wathi: “Maye nakinina zazimthetho, ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.
“Maye kinina, ngokuba niyawakha amathuna abaprofethi, kanti oyihlo bababulala! Ngalokho ningofakazi, nivuma imisebenzi yawoyihlo; ngokuba bona bababulala, nina-ke niyawakha amathuna abo. Ngenxa yalokho ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwathi: ‘Ngiyakuthumela kubo abaprofethi nabaphostoli; abanye bayakubabulala, abanye babazingele,’ ukuze kubizwe kulesi sizukulwane igazi labaprofethi bonke elachithwa kwasekusekelweni komhlaba, kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakariya owabulawa phakathi kwe-altare nethempeli. Yebo, ngithi kini: Lizakubizwa kulesi sizukulwane.
“Maye kinina zazimthetho, ngokuba nisisusile isihluthulelo sokwazi! Nina uqobo lwenu aningenanga, nabangenayo nabavimbela.”
Kuthe ephuma lapho, ababhali nabaFarisi baqala ukumzonda kabi nokumbuzisisa ngokuninginingi, bemqamekela ukuba babambe into ephuma emlonyeni wakhe.