UJoshuwa 14:6-13

UJoshuwa 14:6-13 ZUL59

AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya. Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose, inceku kaJehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami. Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo. UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’ “Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla. Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengamandla ami ngaleso sikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni, ekuphumeni nasekungeneni. Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku, ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama-Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uJehova uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.” UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni libe yifa lakhe.