UJoshuwa 14:6-13
UJoshuwa 14:6-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
AbakwaJuda beza kuJoshuwa eGiligali; uKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, wathi kuye: “Uyakwazi uSimakade akusho ngami nawe kuMose, umuntu kaNkulunkulu, eKadeshi Bharineya. Ngangineminyaka engama-40 ngesikhathi uMose, inceku kaSimakade, engithuma eKadeshi Bharineya ukuba ngiyohlola izwe; ngambuyela nombiko oqotho. Kodwa abafowethu engangikhuphuke nabo baba nombiko oqeda abantu amandla. Kepha mina ngamlandela uSimakade uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo. UMose wafunga ngalolo lusuku, wathi: ‘Impela izwe lapho unyawo lwakho lunyathele khona liyokuba yifa lakho nabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele ngenhliziyo epheleleyo uSimakade uNkulunkulu wami.’ “Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85. Ngisenamandla nanamuhla nanjengamhla uMose engithuma, namanje amandla ami asafana nawangaleso sikhathi, ngisengaphuma ngiyokulwa, ngiphinde ngibuye. Ngakho-ke manje nginike leli lezintaba uSimakade akhuluma ngalo ngalolo lusuku, ngokuba nezwa ngalolo lusuku ukuthi ama-Anaki ayelapho nemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uSimakade uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokusho kukaSimakade.” UJoshuwa wambusisa, iHebhroni walinika uKhalebhu, indodana kaJefune, laba yifa lakhe.
UJoshuwa 14:6-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya. Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose, inceku kaJehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami. Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo. UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’ “Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla. Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengamandla ami ngaleso sikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni, ekuphumeni nasekungeneni. Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku, ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama-Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uJehova uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.” UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni libe yifa lakhe.
UJoshuwa 14:6-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abantwana bakoJuda basebesiza kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune umKhenazi wathi kuye: Wena uyakwazi okwakhulunywa nguJehova kuMozisi umuntu kaNkulunkulu ngami lawe eKadeshi Barineya. Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose inceku kaJehova wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuhlola izwe; ngaphinda ngatshumayela kuye njengokusenhliziyweni yami. Kepha abafowethu abakhuphuka nami bancibilikisa izinhliziyo zabantu, kepha mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo. UMose wafunga ngalolo suku, wathi: “Impela izwe olunyathelwe yizinyawo zakho liyakuba yifa lakho nelababantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo. Manje bheka, uJehova ungigcinile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, abantwana bakwa-Israyeli bezulazula ehlane; manje bheka, sengiyizinsuku ezingamashumi ayisishiyagalombili neminyaka emihlanu. Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengalokho ayenjalo amandla ami ngaleso sikhathi, anjalo amandla ami manje okulwa, nokuphuma nokungena. Manje nginike le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku; ngokuba wezwa ngalolo suku ukuthi ama-Anaki akhona, nemizi mikhulu, ibiyelwe; uma uJehova enami, ngiyakuba-khona ukubaxosha, njengalokho uJehova ekhulumile. UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni njengefa.