Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi: “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.” Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.” Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.
Funda UJona 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJona 3:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo