UJona 3:1-5
UJona 3:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi: “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.” Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.” Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.
UJona 3:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi likaSimakade labuye lafika kuJona okwesibili, lathi: “Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.” UJona wayesesuka waya eNineve, njengokusho kwezwi likaSimakade. INineve kwakungumuzi omkhulu; ukudabula kuwo kwakungathatha izinsuku ezintathu. UJona waqala uhambo losuku lonke, enqamula emzini, eshumayela, ethi: “Sekusele izinsuku ezingama-40 nje ukuthi iNineve libhujiswe!” Abantu baseNineve bakholwa kuNkulunkulu, base bememezela ukuzila ukudla, nokuba kugqokwe indwangu yesaka kusukela kwabakhulu babo kuya kwabancane.
UJona 3:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi: Suka uye eNineve, idolobha elikhulu, ushumayele ivangeli engikuyala ngalo. UJona wayesesuka waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve laliwumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku, wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, beselichithwa iNineve. Abantu baseNineve basebekholwa kuNkulunkulu, basebememezela usuku lokuzila, bembatha izembatho zokulila, kusukela komkhulu kusiya komncinyane phakathi kwabo.