UJobe 29:1-6

UJobe 29:1-6 ZUL59

UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi: “Sengathi nga nginjengasezinyangeni zakuqala, njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo, lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe, yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami, lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami; lapho uSomandla wabe esenami, nabantwana bami babe besangizungeza; lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga, nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.

Funda UJobe 29