NgokukaJohane 9:13-34

NgokukaJohane 9:13-34 ZUL59

Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.” Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo. Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na?” Yathi: “Ungumprofethi.” Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?” Abazali bakhe base bephendula bethi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe; kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.” Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.* Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.” Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.” Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.” Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?” Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?” Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.” Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo. Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.” Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 9:13-34