NgokukaJohane 9:13-34

NgokukaJohane 9:13-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Base bemyisa kubaFarisi obekade eyimpumputhe. KwakuyiSabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo ayo. AbaFarisi nabo bambuza futhi ukuthi kwenzeke kanjani ukuba abone. Wathi kubo: “Uninde amehlo ami ngodaka, ngageza, ngase ngiyabona.” Ngakho-ke abanye kubaFarisi bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngokuba akawuhloniphi umthetho wesabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwehlukana phakathi kwabo. Ngalokho-ke baphinde bathi kobeyimpumputhe: “Wena uthini ngaye, njengoba evule amehlo akho na?” Yathi: “Ungumphrofethi.” Kepha abaJuda abakholwanga ukuthi ubeyimpumputhe nokuthi useyabona, baze babiza abazali balowo osebona. Bababuza bathi: “Ngabe lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa ingaboni na? Pho kukanjani ukuba manje ibone na?” Abazali bayo baphendula bathi: “Siyazi ukuthi lo muntu uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe. Kepha ukuthi usebona kanjani manje nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; buzani yena; usekhulile, uzakuziphendulela yena.” Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni. Ngakho-ke abazali bayo bathi: “Isikhulile, buzani yona.” Bayibiza ngokwesibili le ndoda ebiyimpumputhe, bathi kuyo: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lo muntu uyisoni.” Khona indoda yaphendula, yathi: “Ukuthi uyisoni noma qha, angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.” Ngakho bathi kuyo: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?” Yaphendula, yathi: “Senginitshelile, kodwa anilalelanga. Nifunelani ukuzwa futhi na? Ngabe nani senifuna ukuba ngabafundi bakhe na?” Bamthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi walowo muntu, kodwa thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kepha asimazi lo muntu ukuthi uvela kuphi.” Indoda yaphendula, yathi kubo: “Lokhu kuyamangalisa ukuthi nina anazi ukuthi uvela kuphi, kepha uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo. Selokhu kwathi nhlo, akukaze kuzwakale ukuthi ukhona owake wavula amehlo omuntu ozelwe eyimpumputhe. Uma lo muntu ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.” Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.

NgokukaJohane 9:13-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Bamletha kubaFarisi lowo owayeyimpumputhe ngaphambili. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. Khona futhi nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda udaka emehlweni ami, ngageza, sengiyabona. Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo. Baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho na? Wathi: Ungumprofethi. Kepha abaJuda abakholwanga ngaye, ukuthi ubeyimpumputhe, usebuye wabona, aze abiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? pho, isibona kanjani manje na? Abazali bakhe babaphendula bathi: Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu, nokuthi wazalwa eyimpumputhe; Kodwa ukuthi usebona njani khathesi asazi; nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; mbuze: uzakuzikhulumela yena. Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni. Ngakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile; buza kuye. Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu; Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona. Base bephinda bathi kuye: “Wenzeni kuwe na? uwavule kanjani amehlo akho na? Wabaphendula wathi: “Senginitshelile, kepha anezwa; nifunelani ukuzwa futhi na? nithanda ukuba ngabafundi bakhe nani na? Base bemthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe; kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose; Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni; Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakukwenza lutho. Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.

NgokukaJohane 9:13-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.” Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo. Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na?” Yathi: “Ungumprofethi.” Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?” Abazali bakhe base bephendula bethi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe; kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.” Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.* Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.” Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.” Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.” Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?” Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?” Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.” Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo. Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.” Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.

NgokukaJohane 9:13-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)