NgokukaJohane 9:1-7

NgokukaJohane 9:1-7 ZUL59

Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?” UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.” Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka. Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 9:1-7