NgokukaJohane 9:1-7
NgokukaJohane 9:1-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na? UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo kusesemini; Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, wagcoba amehlo empumputhe ngodaka. Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona.
NgokukaJohane 9:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe uJesu edlula, wabona indoda eyayiyimpumputhe kwasekuzalweni. Abafundi bakhe bambuza, bathi: “Rabi, ngubani owonayo; yilo noma ngabazali bakhe, ukuze azalwe eyimpumputhe na?” UJesu waphendula, wathi: “Akonanga yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe imisebenzi kaNkulunkulu kuye. Kufanele senze imisebenzi yongithumileyo kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho ongasebenza khona. Ngisekhona ezweni, ngingukukhanya kwezwe.” Esekushilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza ngawo udaka, wayeseninda amehlo ayo ngalo, wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” igama elihunyushwa kuthiwe, oThunyiweyo. Yahamba-ke, yageza, yabuya isibona.
NgokukaJohane 9:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?” UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.” Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka. Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.
NgokukaJohane 9:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)