Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle, bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo. Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle. Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka. Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.” Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.
Funda NgokukaJohane 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 6:16-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo