NgokukaJohane 19:16-19

NgokukaJohane 19:16-19 ZUL59

Wayesemnikela kubo ukuba abethelwe esiphambanweni. Bamthatha-ke uJesu, bahamba naye. Waphuma ezithwalele isiphambano, waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha. Bambethela khona nabanye ababili kanye naye ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi. Kepha uPilatu waloba isaziso, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 19:16-19