NgokukaJohane 18:12-40

NgokukaJohane 18:12-40 ZUL59

Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha; baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka. UKayafase kambe nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umuntu abe munye ngenxa yesizwe. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu; kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru: “Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na?” Wathi yena: “Angisiye.” Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle, ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha. Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese. Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.” Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?” UJesu wasiphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?” U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu. Kepha uSimoni Petru wayemi otha. Bathi-ke kuye: “Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na?” Waphika yena, wathi: “Angisiye.” Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?” Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude. Base bekhipha uJesu kuKayafase, bemyisa endlini yokwahlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika. Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: “Nimthwesa cala lini lo muntu na?” Baphendula, bathi kuye: “Uma lona ebengesiye owenza okubi, nga singamlethanga kuwe.” Khona uPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini.” Bathi kuye abaJuda: “Asivunyelwe ukubulala umuntu,” ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani. UPilatu wabuye wangena enqabeni, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu waphendula wathi: “Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na?” UPilatu waphendula wathi: “Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na?” UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. Uma umbuso wami ubungowaleli zwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.” Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti nokho uyinkosi na?” UJesu waphendula wathi: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.” Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye. Kepha ninesiko lokuba nginikhululele omunye ngePhasika; ngakho niyathanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” Khona babuye bamemeza bonke, bathi: “Qha lona, kodwa uBaraba.” Kepha uBaraba wayengumphangi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 18:12-40

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo