NgokukaJohane 18:12-40

NgokukaJohane 18:12-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha. Bamyisa ku-Anase kuqala; ngokuba wayenguyisezala kaKayafase owayengumpristi omkhulu ngalowo mnyaka. Kepha uKayafase nguye owayala abaJuda ukuthi kubalungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayesaziwa kumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu. Kodwa uPetro wema ngaphandle emnyango. Khona waphuma lowo omunye umfundi owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindi wesango, wamngenisa uPetru. Incekukazi engumlindisango yathi kuPetru: “Angithi nawe ungomunye wabafundi balumuntu na? Wathi: Kangisuye. Kwakumi izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle; Base besotha, noPetru wayemi nabo otha. Umphristi omkhulu wasebuza uJesu ngabafundi bakhe langemfundiso yakhe. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho. Ungibuzani na? buza kwabangizwileyo engikushilo kubo; bhekani, bayakwazi engikushilo. Esetshilo lokho, omunye wabancedisi ababemi khona wamtshaya uJesu ngentende, wathi: “Uphendula njalo umpristi omkhulu na? UJesu wamphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngobubi; UAnase wayesemthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu. USimoni Petru wayemi otha. Basebesithi kuye: Lawe kawusuye omunye wabafundi bakhe? Waphika wathi: Kangisuye. Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo sakhe uPetru ayinquma indlebe, yathi: “Angikubonanga mina ensimini unaye na? UPetro waphinda waphika; lahle lakhala iqhude. Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika. UPilatu wayesephumela kubo, wathi: “Nimbeka cala lini lumuntu na? Baphendula, bathi kuye: “Uma lowo ubengesiye umenzi wobubi, nga singamnikelanga kuwe. UPilatu wayesethi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini. Ngakho amaJuda athi kuye: Kakuvunyelwa kithi ukuthi sibulale umuntu. ukuze ligcwaliseke ilizwi likaJesu alikhulumayo, etshengisa ukuthi kukufa kuni ayezakufa ngakho. UPilatu wayesephinda engena endlini yokwahlulela, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wamphendula wathi: “Uzisho lokho wena, noma abanye bakutshele ngami na? UPilatu waphendula wathi: Mina ngingumJuda yini? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikele kimi; wenzeni na? UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami. UPilatu wathi kuye: Liyini iqiniso? Eseshilo lokho wabuye waphuma, waya kumaJuda, wathi kuwo: “Angifumani cala kuye nakanye. Kepha ninomkhuba wokuthi nginikhululele abe munye ngePhasika; Base bephinda bememeza bonke, bathi: “Makungabi lumuntu, kodwa uBarabasi; Manje uBaraba wayengumphangi.

NgokukaJohane 18:12-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Isigejane samabutho, induna yenkulungwane, nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha. Bamhola, bamyisa ku-Anase kuqala, ngokuba engumukhwe kaKhayifase owayengumphristi omkhulu ngalowo nyaka. Phela uKhayifase nguyena owaluleka abaJuda ngokuthi kungcono ukuba umuntu oyedwa afele abantu. USimoni Phethro nomunye umfundi owayaziwa ngumphristi omkhulu, bamlandela uJesu. UJesu wangena-ke egcekeni lomphristi omkhulu. Kepha uPhethro wayemi ngaphandle kwesango. Waphuma lowo mfundi owayaziwa ngumphristi omkhulu, wakhuluma nentombazane engumlindimnyango, yayisimngenisa uPhethro. Intombazana engumlindimnyango yayisithi kuPhethro: “Ngabe impela nawe awusiye yini omunye wabafundi balo muntu na?” Wathi yena: “Angisiye.” Kwakumi lapho izinceku nezikhonzi zibase umlilo wamalahle, zotha, ngokuba kwakumakhaza; noPhethro wayemi nazo, otha umlilo. Kepha umphristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe. UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese. Pho ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bona bayakwazi engakushoyo.” Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi eduze sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umphristi omkhulu kanjalo na?” UJesu wasiphendula, wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?” U-Anase wamthumela eboshiwe kuKhayafase, umphristi omkhulu. Kepha uSimoni Phethro wayemi, otha. Bathi-ke kuye: “Ngabe impela nawe awusiye yini omunye wabafundi bakhe na?” Waphika wathi: “Angisiye.” Enye yezinceku zomphristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPhethro wayeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini ensimini naye na?” UPhethro wabuye waphika; masinyane lakhala iqhude. Khona bamhola uJesu esuka kuKhayafase, bamyisa enkundleni yokwehlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enkundleni yokwehlulela ukuze bangazingcolisi, kodwa bakwazi ukudla iPhasika. Ngakho-ke uPilatu waphumela kubo ngaphandle, wathi: “Nimethwesa cala lini lo muntu na?” Baphendula, bathi kuye: “Uma lo muntu ubengenzanga okubi, ngabe asimlethanga kuwe.” Ngakho-ke uPilatu, wathi kubo: “Mthatheni nina, nimehlulele ngomthetho wakini.” AbaJuda bathi kuye: “Asivunyelwe thina ukubulala umuntu,” lokho kwenzeka ukuze kufezeke izwi uJesu alikhulumayo, ekhomba indlela ayakufa ngayo. UPilatu wabuye wangena endlini yokwehlulela, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu waphendula, wathi: “Uzisholo lokho wena yini, noma abanye bakutshele kanjalo ngami na?” UPilatu waphendula, wathi: “Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabaphristi abakhulu bakulethe kimi; pho wenzeni na?” UJesu waphendula, wathi: “Umbuso wami akusiwo owaleli lizwe. Uma umbuso wami ubungowaleli lizwe, izikhonzi zami beziyakungilwela ukuze nginganikelwa kubaJuda. Kepha manje umbuso wami akusiwo owalapha.” Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.” Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Esekushilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye. Kepha ninesiko lokuba nginikhululele omunye ngePhasika. Ngakho niyathanda yini ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” Bamemeza futhi bonke, bathi: “Hhayi lo muntu, kodwa uBharabha.” Nakuba uBharabha wayengumphangi.

NgokukaJohane 18:12-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha; baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka. UKayafase kambe nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umuntu abe munye ngenxa yesizwe. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu; kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru: “Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na?” Wathi yena: “Angisiye.” Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle, ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha. Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese. Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.” Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?” UJesu wasiphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?” U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu. Kepha uSimoni Petru wayemi otha. Bathi-ke kuye: “Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na?” Waphika yena, wathi: “Angisiye.” Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?” Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude. Base bekhipha uJesu kuKayafase, bemyisa endlini yokwahlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika. Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: “Nimthwesa cala lini lo muntu na?” Baphendula, bathi kuye: “Uma lona ebengesiye owenza okubi, nga singamlethanga kuwe.” Khona uPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini.” Bathi kuye abaJuda: “Asivunyelwe ukubulala umuntu,” ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani. UPilatu wabuye wangena enqabeni, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu waphendula wathi: “Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na?” UPilatu waphendula wathi: “Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na?” UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. Uma umbuso wami ubungowaleli zwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.” Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti nokho uyinkosi na?” UJesu waphendula wathi: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.” Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye. Kepha ninesiko lokuba nginikhululele omunye ngePhasika; ngakho niyathanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” Khona babuye bamemeza bonke, bathi: “Qha lona, kodwa uBaraba.” Kepha uBaraba wayengumphangi.

NgokukaJohane 18:12-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha. Bamyisa ku-Anase kuqala; ngokuba wayenguyisezala kaKayafase owayengumpristi omkhulu ngalowo mnyaka. Kepha uKayafase nguye owayala abaJuda ukuthi kubalungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayesaziwa kumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu. Kodwa uPetro wema ngaphandle emnyango. Khona waphuma lowo omunye umfundi owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindi wesango, wamngenisa uPetru. Incekukazi engumlindisango yathi kuPetru: “Angithi nawe ungomunye wabafundi balumuntu na? Wathi: Kangisuye. Kwakumi izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle; Base besotha, noPetru wayemi nabo otha. Umphristi omkhulu wasebuza uJesu ngabafundi bakhe langemfundiso yakhe. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho. Ungibuzani na? buza kwabangizwileyo engikushilo kubo; bhekani, bayakwazi engikushilo. Esetshilo lokho, omunye wabancedisi ababemi khona wamtshaya uJesu ngentende, wathi: “Uphendula njalo umpristi omkhulu na? UJesu wamphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngobubi; UAnase wayesemthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu. USimoni Petru wayemi otha. Basebesithi kuye: Lawe kawusuye omunye wabafundi bakhe? Waphika wathi: Kangisuye. Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo sakhe uPetru ayinquma indlebe, yathi: “Angikubonanga mina ensimini unaye na? UPetro waphinda waphika; lahle lakhala iqhude. Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika. UPilatu wayesephumela kubo, wathi: “Nimbeka cala lini lumuntu na? Baphendula, bathi kuye: “Uma lowo ubengesiye umenzi wobubi, nga singamnikelanga kuwe. UPilatu wayesethi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini. Ngakho amaJuda athi kuye: Kakuvunyelwa kithi ukuthi sibulale umuntu. Ukuze ligcwaliseke ilizwi likaJesu alikhulumayo, etshengisa ukuthi kukufa kuni ayezakufa ngakho. UPilatu wayesephinda engena endlini yokwahlulela, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wamphendula wathi: “Uzisho lokho wena, noma abanye bakutshele ngami na? UPilatu waphendula wathi: Mina ngingumJuda yini? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikele kimi; wenzeni na? UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami. UPilatu wathi kuye: Liyini iqiniso? Eseshilo lokho wabuye waphuma, waya kumaJuda, wathi kuwo: “Angifumani cala kuye nakanye. Kepha ninomkhuba wokuthi nginikhululele abe munye ngePhasika; Base bephinda bememeza bonke, bathi: “Makungabi lumuntu, kodwa uBarabasi; Manje uBaraba wayengumphangi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo