UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe. NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo, ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe. Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali. Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma, wathi kubo: “Nifuna ubani na?” Bamphendula bathi: “UJesu waseNazaretha.” UJesu wathi kubo: “Yimina.” UJuda omkhaphelayo wayemi nabo. Kuthe-ke ukuba athi kubo: “Yimina,” bahlehla nyovane, bawa phansi. Waphinda wababuza wathi: “Nifuna ubani na?” Bathi: “UJesu waseNazaretha.” UJesu waphendula wathi: “Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe,” ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi: “Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.” USimoni Petru enenkemba wayihosha, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi. Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?” Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha
Funda NgokukaJohane 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 18:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo