NgokukaJohane 16:20-33

NgokukaJohane 16:20-33 ZUL59

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza. Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni. Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona. Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale. “Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba; ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.” Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso. Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.” UJesu waphendula wathi: “Seniyakholwa manje na? Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami. “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”