NgokukaJohane 16:20-33

NgokukaJohane 16:20-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza. Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni. Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona. Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale. “Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba; ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.” Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso. Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.” UJesu waphendula wathi: “Seniyakholwa manje na? Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami. “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”

NgokukaJohane 16:20-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kodwa usizi lwenu luyakuba yintokozo. Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni. Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu. Ngalolo suku aniyukungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, uyakuninika yona. Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale. “Lokho ngikukhulume kini ngemifanekiso, kodwa siyeza isikhathi lapho ngingasayukukhuluma ngemifanekiso, kodwa ngiyakukhuluma ngoBaba ngokusobala. Ngalolo lusuku niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela kuBaba. Ngokuba uBaba luqobo uyanithanda, lokhu nina ningithandile, nakholwa ukuthi Mina ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.” Abafundi bakhe bathi kuye: “Manje-ke usukubeka ngembaba lokhu okushoyo, awusakhulumi ngemifanekeliso. Siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze, yingakho sikholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.” UJesu waphendula, wathi: “Seniyakholwa manje na? Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami. “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”