“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani. Nalapho ngiya khona niyayazi indlela.” UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?” UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.
Funda NgokukaJohane 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 14:1-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo