“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; ukuba bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukuyonilungisela indawo. Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona. Lapho ngiya khona, niyayazi indlela.” UThomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona. Pho singayazi kanjani indlela na?” UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba; kodwa niyamazi manje, futhi nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, lokho kuyakwenela kithi.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na? Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe. Kholwani ukuthi Mina ngikuBaba, noBaba ukimi. Uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi uqobo lwayo. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngiyakulwenza.
Funda NgokukaJohane 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 14:1-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo