Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.” Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?” UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.” Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.” Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.” Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”
Funda NgokukaJohane 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 11:6-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo