NgokukaJohane 11:6-16
NgokukaJohane 11:6-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.” Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?” UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.” Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.” Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.” Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”
NgokukaJohane 11:6-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Khona esezwile ukuthi uyagula, wahlala izinsuku ezimbili kuleyo ndawo ayekuyo. Khona emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye siye eJudiya. Abafundi bakhe bathi kuye: Rabi, abaJuda sebefuna ukukukhanda ngamatshe; futhi uya khona futhi? UJesu waphendula wathi: Kawakho yini amahola alitshumi lambili emini? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kepha uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba akukho ukukhanya kuye. Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni. Base bethi abafundi bakhe: Nkosi, uma elele, uyakusinda. Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokuphumula ebuthongweni. Khona uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; Ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; nokho asiye kuye. Khona uTomase, othiwa uDidimu, kubafundi abakanye naye: Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.
NgokukaJohane 11:6-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke lapho esezwa ukuthi uLazaru uyagula, wahlala izinsuku ezimbili kuleyo ndawo ayekuyo. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Masihambe, siphindele eJudiya.” Abafundi bathi kuye: “Rabi, akukapholi maseko abaJuda befuna ukukukhanda ngamatshe, usuya khona futhi na?” UJesu waphendula, wathi: “Imini ayinawo yini amahora ali-12 na? Uma umuntu ehamba emini akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli lizwe. Kepha uma ehamba ebusuku uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.” Wakukhuluma lokho, qede wathi kubo: “ULazaru, umngani wethu ulele, kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.” Ngakho-ke abafundi bakhe bathi kuye: “Nkosi, uma elele, uzosinda.” Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kodwa bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo. Ngakho-ke uJesu wabatshela ngokucacileyo wathi kubo: “ULazaru ufile. Kepha ngiyathokoza ngenxa yenu ngokuthi bengingekho lapho, ukuze nikholwe, kodwa masihambe siye kuye.” Khona uThomase okuthiwa nguDidimu, wathi kwabanye abafundi ababenaye: “Masihambe nathi, ukuze sife kanye naye!”
NgokukaJohane 11:6-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)