UJeremiya 52:31-34

UJeremiya 52:31-34 ZUL59

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga, u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni, wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele. Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi yaseBabele zonke izinsuku zokuhamba kwakhe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.