UJeremiya 23:16-29

UJeremiya 23:16-29 ZUL59

Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova. Bazinge bethi kwabangidelelayo: UJehova ukhulumile uthi: ‘Niyakuba nokuthula.’ Kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo bathi: ‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’ Ngokuba ngubani owake wema emkhandlwini kaJehova ukuba abone, ezwe izwi lakhe na? Ngubani oqaphele izwi lakhe, walizwa, na? Bheka, isivunguvungu sikaJehova esinokufutheka siphumile; isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi sehlele phezu kwamakhanda ababi. Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda. Mina angibathumanga abaprofethi, nokho bagijima; bengingakhulumile kubo, nokho baprofetha. Uma bebemi emkhandlwini wami, nga bezwisile abantu bami amazwi ami, bababuyise endleleni yabo embi, nasebubini bezenzo zabo. “NginguNkulunkulu eduze yini,” usho uJehova, “ngingesiye uNkulunkulu kude na? Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova. “Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’ Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo, abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na? Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova. “Izwi lami alinjengomlilo yini,” usho uJehova, “nanjengesando esaphula itshe na?