UJeremiya 23:16-29

UJeremiya 23:16-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; bakwenza ize; bakhuluma umbono ophuma ezinhliziyweni zabo, hhayi ophuma emlonyeni kaJehova. Base bethi kwabangidelelayo: ‘UJehova wathi: Niyakuba nokuthula; bathi kuwo wonke umuntu ohamba ngobulukhuni benhliziyo yakhe: “Aniyikwehlelwa bubi.” Ngoba ngubani owama emkhandlwini weNkosi, wabona, wezwa ilizwi lakhe? ngubani obonile izwi lakhe, walizwa na? Bheka, isivunguvungu sikaJehova ngokufutheka siyaphuma, isivunguvungu esinamandla; liyowela kanzima phezu kwekhanda lababi. Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya, aze afeze amacebo enhliziyo yakhe; ekupheleni kwezinsuku uyakukulalela ngokugcwele. Angibathumanga abaprofethi, kodwa bagijima; angikhulumanga kubo, nokho baprofetha. Kodwa uma bebemile ekululekeni kwami futhi bavumele abantu bami bezwe amazwi ami, khona-ke ngabe baphendukile endleleni yabo embi nasebubini bezenzo zabo. NginguNkulunkulu oseduze, usho uJehova, angisiye uNkulunkulu wakude na? Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova. Ngizwile abakutshoyo abaprofethi abaprofetha amanga ebizweni lami besithi: Ngiphuphile, ngiphuphile. Koze kube nini enhliziyweni yabaprofethi abaprofetha amanga na? yebo, bangabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo; abacabanga ukwenza abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisayo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngoBali. Umprofethi onephupho makalandise iphupho; futhi noma ubani onezwi lami, makakhulume izwi lami ngokwethembeka. Ayini amakhoba kakolweni? kusho uJehova. Izwi lami alinjengomlilo na? kusho uJehova; nanjengesando esiphula idwala?

UJeremiya 23:16-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade. Bakhuluma njalo bethi kwabangidelelayo: uSimakade ukhulume wathi: ‘Niyakuba nokuthula.’ Bathi kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo: ‘Aniyukwehlelwa yinhlekelele.’ Ngokuba ngubani owake wema emkhandlwini kaSimakade ukuba abone, ezwe izwi lakhe na? Ngubani olizwile izwi lakhe, waligcina na? Bheka, isivunguvungu sikaSimakade esinolaka siphumile. Isivunguvungu esikhwishizayo siyakhwishiza phezu kwamakhanda ezikhohlakali. Intukuthelo kaSimakade ayiyukubohla aze akwenze lokho, ayifeze inhloso yenhliziyo yakhe. Ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda nokukuqonda lokhu. Mina angibathumanga abaphrofethi, nokho bagijima; angikhulumanga kubo, kodwa baphrofetha. Uma babemile emkhandlwini wami, bebeyokwenza abantu bami bawezwe amazwi ami, bebeyobanqanda endleleni yabo embi, nasezenzweni zabo zokukhohlakala. “NginguNkulunkulu oseduze yini, angisiye uNkulunkulu okude na?” kusho uSimakade. “Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade. “Ngizwile ukuthi bathini abaphrofethi abaphrofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’ Kuyoze kube nini bengaphenduki ezinhliziyweni, abaphrofethi abaphrofetha amanga, bengabaphrofethi benkohliso yenhliziyo yabo na? Abaceba ukwenza ukuba abantu bami balikhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengoba okhokho babo balikhohlwa igama lami ngenxa kaBhali na? Umphrofethi onephupho makalande ngalo iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukusanhlamvu na?” kusho uSimakade. “Izwi lami alinjengomlilo yini, nanjengesando esiqhekeza idwala na?” kusho uSimakade.

UJeremiya 23:16-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova. Bazinge bethi kwabangidelelayo: UJehova ukhulumile uthi: ‘Niyakuba nokuthula.’ Kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo bathi: ‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’ Ngokuba ngubani owake wema emkhandlwini kaJehova ukuba abone, ezwe izwi lakhe na? Ngubani oqaphele izwi lakhe, walizwa, na? Bheka, isivunguvungu sikaJehova esinokufutheka siphumile; isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi sehlele phezu kwamakhanda ababi. Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda. Mina angibathumanga abaprofethi, nokho bagijima; bengingakhulumile kubo, nokho baprofetha. Uma bebemi emkhandlwini wami, nga bezwisile abantu bami amazwi ami, bababuyise endleleni yabo embi, nasebubini bezenzo zabo. “NginguNkulunkulu eduze yini,” usho uJehova, “ngingesiye uNkulunkulu kude na? Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova. “Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’ Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo, abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na? Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova. “Izwi lami alinjengomlilo yini,” usho uJehova, “nanjengesando esaphula itshe na?