UJeremiya 21:8-9

UJeremiya 21:8-9 ZUL59

“Uyakusho kulaba bantu, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa. Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.