UJeremiya 1:4-12

UJeremiya 1:4-12 ZUL59

Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.” Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova. UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.” Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”* Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJeremiya 1:4-12