UJeremiya 1:4-12
UJeremiya 1:4-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.” Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade. USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. Bheka, ngiyakujuba namuhla phezu kwezizwe nemibuso, ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.” Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Ngibona igatsha lomu-alimondi.” USimakade wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakuqikelela ukuba izwi lami ngilifeze.”
UJeremiya 1:4-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.” Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova. UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.” Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”* Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”
UJeremiya 1:4-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ngingakakubumbi esizalweni, ngakwazi; ungakaphumi esizalweni, ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni. Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! bheka, angikwazi ukukhuluma ngoba ngiyingane. Kodwa uJehova wathi kimi: Ungatsho ukuthi: Ngingumntwana, ngoba kumele uye kukho konke engikuthuma khona, lakho konke engikuyala ngakho, uzakukhuluma. Ungabesabi ubuso babo, ngokuba nginawe ukuba ngikusindise,” usho uJehova. UJehova wayeseselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami. Wayesethi uJehova kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. Bheka, ngikumisile namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukuba usiphule, udilize, uchithe, udilize, wakhe, utshale. Futhi izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Jeremiya, ubonani na? Ngase ngithi: Ngibona induku yomu-alimondi. UJehova wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakusheshisa izwi lami ukuba ngilenze.