UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo, ngimemezele umnyaka womusa kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo, ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe. Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.
Funda U-Isaya 61
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 61:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo