U-Isaya 61

61
Ukusindiswa kweziboshwa
1 UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,
2 ngimemezele umnyaka womusa kaJehova
nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu,
ngiduduze bonke abalilayo,
3 ngenze ukuba abalilayo eSiyoni
baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha,
amafutha enjabulo esikhundleni sokulila,
ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo,
ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga
nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.
4 Bayakwakha izincithakalo ezindala,
bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala,
balungise imizi ebhujisiweyo,
izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.
5 Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu,
abafokazi babe ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu.
6 Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova,
niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu;
niyakudla imfuyo yezizwe,
nizibonge ngodumo lwazo.
7 Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo;
abadumeleyo,
ukujabula kuyakuba yisabelo sabo;
ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo,
intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.
8 “Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga,
ngizonda ukuphanga kanye nokubi;
ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso,
ngenze isivumelwano esiphakade nabo.
9Inzalo yabo iyakwaziwa phakathi kwezizwe,
nabantwana babo phakathi kwabantu;
bonke abababonayo bayakubavuma
ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.”
10 Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,
umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,
ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,
wangisibekela ngesambatho sokulunga,
njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,
nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.
11Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo,
nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo,
kanjalo iNkosi uJehova iyakuveza
ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 61: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo