U-Isaya 40:1-5

U-Isaya 40:1-5 ZUL59

Duduzani, nibaduduze abantu bami, usho uNkulunkulu wenu. Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo. Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani ehlane indlela kaJehova, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa. Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 40:1-5