U-Isaya 40:1-5
U-Isaya 40:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Duduzani, nibaduduze abantu bami, kusho uNkulunkulu wenu. Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo. Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele. Zonke izigodi ziyophakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyokwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa. Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”
U-Isaya 40:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Duduzani, nibaduduze abantu bami, usho uNkulunkulu wenu. Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo. Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani ehlane indlela kaJehova, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa. Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
U-Isaya 40:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Duduzani, duduzani abantu bami, usho uNkulunkulu wenu. Zizwe ukhululekile ukukhuluma neJerusalema futhi umemeze kulo ukuthi impi yalo isiphelile, ukuthi ububi bayo buthethelelwe; ngokuba lamukeliswa okuphindwe kabili esandleni sikaJehova ngazo zonke izono zalo. Izwi lomemeza ehlane, lithi: Lungisani indlela kaJehova, niqondise ehlane umgwaqo kaNkulunkulu wethu. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, nazo zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; izindawo ezimangelengele ziyakwenziwa ziqonde, izindawo ezimangelengele zilingane; Inkazimulo kaJehova iyakwambulwa, yonke inyama ibone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.