U-Isaya 14:12-21

U-Isaya 14:12-21 ZUL59

“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe. Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho. Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’ Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi. “Abakubonayo bayakugqolozela, bakuqaphele, bathi: ‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso, owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?’ Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo. Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abahlatshwe yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo. Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni, ngokuba uchithile izwe lakho, wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade. Lungiselani abantwana bakhe ukubulawa ngobubi bawoyise, ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”