U-Isaya 14:12-21
U-Isaya 14:12-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe. Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni. Ngiyokhuphuka ezindaweni eziphakemeyo phezu kwamafu, ngizenze ngibe njengoPhezukonke.’ Nokho wehliselwe endaweni yabafileyo, emajukujukwini omgodi. “Abakubonayo bayokubhekisisa, bakuqaphelisise, bese bethi: ‘Nguye yini lo muntu owazamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso, owenza izwe laba yihlane, wabhubhisa imizi yalo, akazivumela iziboshwa ukuba zibuyele emakhaya na?’ Wonke amakhosi ezizwe, wonke alale ngodumo, yileyo naleyo edlinzeni layo. Kodwa wena ulahlwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abagwazwe ngenkemba, behlela emgodini wamatshe njengesidumbu esinyathelweyo. Awusoze wahlangana nabo egodini, ngokuba waba yimbangela yencithakalo ezweni lakini; wabulala abantu bakini. Sengathi izizukulwane zezikhohlakali zingebe zisaphathwa naphakade. Lungisani indawo yokubulalela abantwana bakhe, ngenxa yenkohlakalo yokhokho babo. Mabangaphinde bavuke, ukuba badle ifa lomhlaba, bagcwalise izwe ngemizi.
U-Isaya 14:12-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe. Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho. Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’ Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi. “Abakubonayo bayakugqolozela, bakuqaphele, bathi: ‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso, owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?’ Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo. Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abahlatshwe yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo. Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni, ngokuba uchithile izwe lakho, wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade. Lungiselani abantwana bakhe ukubulawa ngobubi bawoyise, ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”
U-Isaya 14:12-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wawa kanjani ezulwini, wena Lusifa, ndodana yokusa! unqunyulwe phansi kanjani, wena othuya izizwe! Ngoba wena wathi enhliziyweni yakho: Ngithanda ukukhuphukela ezulwini, ngizaphakamisa isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyakuhlala entabeni yokuhlangana, emagumbini akude asenyakatho. Ngiyakwenyukela ngaphezu kweziqongo zamafu; ngizofana noPhezukonke. Nokho uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi. Abakubonayo bayakukubheka, bakubuke, bathi: ‘Nguye lo muntu owazamazamisa umhlaba, owenza imibuso ithuthumele na? owenza izwe libe njengehlane wachitha imizi yalo; ongayivulanga indlu yeziboshwa zakhe? Wonke amakhosi ezizwe, wonke alele enkazimulweni, ngulowo lalowo endlini yakhe. Kepha wena ulahliwe ethuneni lakho njengehlumela elinengekayo, nanjengezingubo zababulewe, abagwazwe ngenkemba, behlela ematsheni omgodi; inyathelwe phansi njengesidumbu. Awunakuhlanganiswa nabo ekumbelweni, ngokuba uchithile izwe lakho, wabulala abantu bakho; inzalo yabenzi bokubi ayisoze yaziwe. Lungiselelani abantwana bakhe ukuhlaba ngenxa yobubi bawoyise; funa bavuke badle izwe, bagcwalise ubuso bomhlaba ngemizi.