U-Isaya 11:1-9

U-Isaya 11:1-9 ZUL59

Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe. UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe. Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe. Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe, ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe. Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba. Inkomo nebhere* kuyakuklaba, amazinyane akho abuthise ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkabi. Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu, olunyuliweyo elulele isandla sakhe esiseleni sikamantshingeyana. Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.