U-Izaya 11:1-9

U-Izaya 11:1-9 ZUL20

Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele. UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uSimakade; akayukwehlulela ngokubona kwamehlo akhe, noma anqume ngakuzwe ngosizwile. Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe. Ukulunga kuyoba yibhande okhalo lwakhe, ukwethembeka kube yibhande lamanyonga akhe. Inkentshane liyoquba newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama; kukhuluphaliswe ndawonye, kuqhutshwe yingane encane. Inkomo nebhele kuyakuklaba ndawonye, namazinyane akho abuthise ndawonye, ibhubesi lidle utshani njengenkabi. Umntwana osancela uyodlala ngasemgodini wemfezi; olunyuliwe afake isandla sakhe emgodini webululu. Abayukukwenza okubi, noma babhubhise entabeni yami engcwele, ngokuba umhlaba wonke uyogcwala ukumazi uSimakade njengamanzi esibekela ulwandle.