KumaHeberu 7:11-28

KumaHeberu 7:11-28 ZUL59

Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho – kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na? Ngokuba uma ubupristi buguquliwe, kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho. Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare. Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi. Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki, ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo. Ngokuba kufakazwa ngaye ukuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.” Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo, lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu. Futhi ngalokho ukuthi akubanga ngaphandle kokufunga – ngokuba labo kambe babekwa babe ngabapristi ngaphandle kokufunga, kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi: “INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi: ‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ” Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono. Kulabo-ke baba baningi ababekwa babe ngabapristi, ngokuba bathiyeka ngenxa yokufa ukuba baqhube njalo; kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka; ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela. Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu, ongadingi imihla ngemihla njengalabo bapristi abakhulu ukunikela ngemihlatshelo ngenxa yezakhe izono kuqala nangasemuva ngenxa yezabantu; ngokuba wenza lokho kanye mhla ezinikela yena. Ngokuba umthetho umisa abantu babe ngabapristi abakhulu abanobuthakathaka, kepha izwi lesifungo elalandela umthetho limisa iNdodana epheleliswe kuze kube phakade.