KumaHeberu 6:13-20

KumaHeberu 6:13-20 ZUL59

Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga, wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa,” kanjalo kwathi esebekezele, wakuzuza okwathenjiswayo. Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise. Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo, ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo, esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo