KumaHeberu 6:13-20
KumaHeberu 6:13-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga, wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa,” kanjalo kwathi esebekezele, wakuzuza okwathenjiswayo. Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise. Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo, ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo, esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.
KumaHeberu 6:13-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba lapho uNkulunkulu ethembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga; Ethi: Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngokwandisa ngiyakukwandisa. Ngakho-ke esebekezele wazuza isithembiso. Ngokuba abantu bafunga omkhulu kubo, nesifungo sokuqinisekisa singukuphela kwakho konke ukuphikisana. Ngakho uNkulunkulu, ethanda kakhulu kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, wakuqinisa ngesifungo; ukuze, ngezinto ezimbili ezingaphendukiyo, okungekwenzeki ukuthi uNkulunkulu aqambe amanga ngazo, sibe lenduduzo elamandla thina esibalekeleyo ukuze sibambe ithemba elibekwe phambi kwethu; ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo; lapho umanduleli angena khona ngenxa yethu, uJesu, waba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.
KumaHeberu 6:13-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba ngesikhathi uNkulunkulu ethembisa u-Abhrahama, wazifunga Yena uqobo, ngokuba wayengekho omkhulu kunaye ayengamfunga, wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngikwandise nokukwandisa.” Ngakho-ke esebekezele, wakuzuza akwethenjiswayo. Phela abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyakuqeda ukuphikisana konke, siqinise. Ngalokho-ke uNkulunkulu ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso icebo lakhe elingaguquki, waliqinisekisa ngesifungo, ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu. Leli themba sinalo linjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, lapho uJesu eyisigijimi wasandulela wangena khona, sewaba ngumphristi omkhulu kuze kube phakade, ngokokuma kukaMelkhizedeki.
KumaHeberu 6:13-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)