KumaHeberu 13:12-15

KumaHeberu 13:12-15 ZUL59

Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe. Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo. Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.