KumaHeberu 13:12-15
KumaHeberu 13:12-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwele ihlazo lakhe. Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo. Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
KumaHeberu 13:12-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwenkambu, sithwale ihlazo lakhe. Asinawo lapha umuzi omiyo, kodwa sifuna umuzi ozayo. Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.
KumaHeberu 13:12-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe. Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo. Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
KumaHeberu 13:12-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)