UGenesise 8:1-12

UGenesise 8:1-12 ZUL59

UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla. Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa, imvula yasezulwini yaphela. Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha. Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati. Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi. Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala. Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile. Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni. Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba. Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini. Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.