UGenesise 8:1-12
UGenesise 8:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla. Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa, imvula yasezulwini yaphela. Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha. Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati. Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi. Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala. Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile. Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni. Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba. Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini. Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.
UGenesise 8:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla. Kwavaleka iziphethu ezisezinzulwini, kwavaleka namafasitela ezulu, yanqamuka imvula. Amanzi aya ngokuya ebohla. Sekwedlule izinsuku eziyi-150 amanzi ayesehlile impela. Ngosuku lwe-17 ngenyanga yesikhombisa, umkhumbi wathi cababa ezintabeni e-Ararathi. Amanzi aya ngokuya ehla. Kwathi lulunye ngenyanga yeshumi, kwaqala kwabonakala iziqongo zezintaba. Kwathi emveni kwezinsuku ezingama-40, uNowa wavula ifasitela lomkhumbi ayelenzile, wakhiphela ngaphandle igwababa. Landiza njalo lehla lenyuka kwaze kwabohla amanzi emhlabeni. Wabuye wathumela ijuba ukuze ahlole ngalo ukuthi nembala amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba. Kepha ijuba kalitholanga ndawo elalingahlala kuyo. Landiza labuyela emkhunjini, uNowa welula isandla walingenisa ngaphakathi. Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walikhipha ijuba. Labuyela kuye sekuhlwile liphethe ngomlomo iqabunga lomnqumo eliluhlaza. Kwamcacela uNowa ukuthi amanzi asebohlile emhlabeni. Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walithumela ijuba, kodwa aliphindanga labuyela kuye.
UGenesise 8:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini; Kwavalwa nemithombo kazamcolo namafasitele asezulwini, kwavalwa imvula ezulwini; Amanzi aphenduka njalo emhlabeni, kwathi ekupheleni kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi abohla. Umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga. Amanzi ancipha kwaze kwaba yinyanga yeshumi; ngenyanga yeshumi, ngolokuqala lwenyanga, kwabonakala iziqongo zezintaba. Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitela lomkhumbi abelenzile. Wathuma igwababa lazulazula, aze asha amanzi emhlabeni. Wasethuma ijuba lisuka kuye ukubona ukuthi amanzi asebohlile yini emhlabathini; Kodwa ijuba alifumananga indawo yokuphumula yamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesemhlabeni wonke; wayeselula isandla sakhe, walithatha, walidonsela emkhunjini kanye naye. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; wabuye walikhipha ijuba emkhunjini; Ijuba lafika kuye kusihlwa; bheka, emlonyeni wakhe kwakukhona iqabunga lomnqumo elikhithiziwe; uNowa wazi ukuthi amanzi asebohlile emhlabeni. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; wathuma ijuba; abangabange besabuyela Kuye.