UGenesise 47:1-12

UGenesise 47:1-12 ZUL59

UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: “Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nakho konke abanakho, bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.” Phakathi kwabafowabo wathatha amadoda ayisihlanu, wawabeka phambi kukaFaro. UFaro wayesethi kubafowabo: “Uyini umsebenzi wenu na?” Bathi kuFaro: “Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.” Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.” Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe; izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.” UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro. Wathi uFaro kuJakobe: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwakho na?” UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.” UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro. UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamesesi, njengalokho uFaro ebayalile. UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.